Umlami wami #1 to #4
Umlami wami #1 USAYIKHUMBULA LENDABA? Yebo kulabo ekade sasiwa sivuka nabo kulendima kamabhebhana bazoyikhumbula lendatshana yami engabe ngiyibhalele ipage lami elabe libizwa ngokuthi iqhuzu. Well ke alisekho iqhuzu kodwa ezinye zezi tori zami zisakhona. Lendaba le ingenye yazo Ukubhala kwami le ndaba ingoba kwabe kunezigigaba ezithile ezenzekile phakathi kwami nomlami wami.... ngisemakhaya...kubo...nokuyisekhweni lami lapho ngithathe khona. Okunye kwesigigaba esiye sangehlela ngisemajukujukwini asemakhaya silandeka kanje..... Angithi nje....ukuba semakhaya kwami kwabe kuyingoba ngike ngavakasha ekhweni lami izinsukwana. Yebo angisho nje eyami induku yagawulwa ezizweni impela...lapho umuntu oyisivakashi esathathwa njengesivakashi. Angisayiphathi ke eka mkhwenyana indaba uphilisa okwenkosi uqobo. Cha imnandi impilo yasemakhaya futhi indlela abantu bakhona abamazisa ngayo umuntu owu mkhwenyana...kuze kungiphathise ngamahloni mina engaziphiwela ukuganga nokonakala. Ngikusho lokhu ngoba i...