Iphasika elimnandi
Oh...What a blessed.... iphasika!!!!!! Laze langiphatha kahle iphasika lalonyaka! Impela kuliqiniso ukuthi imbongolo idla emthwalweni!! Kusho ukuthi kunalosisi ongumawengane ka bhuti wami. Igama lakhe u Nonceba . Ekhaya ke bambiza ngokuthi u ka Vico. Kuze bambize ngo ka Vico nje ingoba ungowakwa Ndosi ngesibongo. Cha bandla ave ungikhonzile u ma Ndosi. Angazi noma lokhu kungikhonza kwakhe kangaka kwenziwa indlela esifana ngakhona no bhuti wami u Mhloh. Kodwa ke bandla ngingeke ngambeka icala u Nonceba...ngoba akusiye yedwa oke akhulume indaba yokuthi sifana ngenye indlela sinobhuti wami. Abanye abantu nje uma ethathe wangananaka kahle....uthuka esexoxa indaba mina engingayazi...ngoba ecabanga ukuthi ukhuluma no Mhloh. Sesaze sakwejwayela ukuzwa abanye abantu besibiza ngamagama lomunye komunye. Cabanga ke lomuntu engifana naye kangaka sehlukaniswe umuntu phakathi kwethu...angimelami nakumelama. Umehluko ke nokho ophakathi kwethu... ukuthi ubhuti...ave ekholwa bandla...kanti mina nokh...