Posts

Showing posts with the label ukubhejwa

Iphasika 4

Sis' Nonceba!....Hawu! Oah!....Kanti nizifihle la? Kunini ngihambe ngibheka u Lerato uyabizwa ubabumfundisi. Huuu kwaze kwafudumala la.... sengigodole kangaka bakithi! Nalelilizulu liyana la ngaphandle... Njengoba ekhuluma nje kube ima ngizwa ukuthi ileyantombazane ebesinayo emotweni. Angazi noma Lerato wethuswa ukuzwa kuthiwa ubizwa ubaba wakhe yini..lokhu wavele wazembula eveza ikhanda ngaphandle wabe ethi....Serious! Ephendula losisi kuzwakala ukuthi unokwethuka. Hawu!...ngiqinisile kade futhi engithumile and bese ngilibele ukuthi benithe niya ngalaphi. Mnxnm! Futhi nje nami ukubebengazi ukuthi kanti nizozithi shwaaa la ezingutsheni ngabe ngivele ngahamba nani. Tyooo! Ave esebhora nalomfundisi oshumayelayo manje. Pho uphi u Nonceba...nilele nobani? There she is... Lapho usho usevele uyavuka u Lerato. Njengoba enyakaza nje u Lerato mina la ngaphansi kwezingubo ngibambe umoya angithi kulobo bubhudubhudu obebenzeka ngenkathi u Lerato ebona losisi asekhuluma naye manje eqonde la ...