Izindaba ezimnandi zokubhebhana ngagcina ngimqomile usbu
Emva kokungishela izinyanga ezine zonke ngagcina ngimqomile uSbu. Naye wayehlale esho ethi cha ngamshikilisa bo. Vele ngangifuna kube njalo. Ave kumnandi ukuziqhenya uyintombi yakwenu, umfana akushele kuze kuthi akakhale ulibe umdrayisa nje. Lo oze ngombhebho uvele usheshe umbone, ngoba usheshe adube, angithi phela usuke ezijahele ukukubhebha aqede ayochoma ngawe ebanganini bakhe ukuthi usekuhlabile. Kodwa ke bandla wasiqeda nya isifiso senhliziyo yami, phela mina ngangizitshela ukuthi ngiyoze ngiqome sengiqede iskole. Kona kwasala kancane ngoba kwase kusele unyaka owodwa vo umuntu aphothule umatikuletsheni. Uma nginihlebela nje, wayengeve ezithanda bandla uSbu, ngangize ngizibuke ezicathulweni sakhe sesikole uma engeshela. Kanti futhi wayenomusa, ehlale engikitaza nangamancoko akhe. Angisaphathi ukuba isgora kwakhe, ngangivele ngizizwe ngiphephile uma nginaye. Okwakungichaza kakhulu ukuthi wayengasiyo lenhlobo egijimisa amantombazane kakhulu. Ngangimthanda ngenhliziyo yami yonke futhi